Quantcast
Channel: inkanyiso.org » Queer God fearing community
Viewing all articles
Browse latest Browse all 3

2014 Jan.5: Ishaya ngolunye unyawo I-VMCI kulonyaka

$
0
0

by Londeka Dlamini

Ibandla lase Thekwini i-Victory Ministries International phansi kobuholi bukaMfundisi uZungu liza nezinguquko eziningi kulonyaka.
Abazalwane babukeke bethokozile ukubuya enkonzweni kwazise bekuyiSonto lokuqala kulonyaka., iqale kamnandi lapho uMvangeli uMkhize ekhuthaza ibandla ngokuthi asikhohlwe ngokwenzekile ngonyaka odlule.
Siqale kabusha kulonyaka futhi  singabanqobi, evule incwadi yabahluleli  (Judges 16:26) lapho kukhulunywa ngo Samsoni owakhishwa amehlo.

Kulindeleke ukuba kubekhona inkonzo yomgcobo mhla zingu-1 ngenyanga ezayo lapho kuyobe kugcotshwa ngokusemthethweni abefundisi ababili ebandleni uMnumzane Sbisi kanye no Mnumzane Magwaza.
Kanti-ke ibandla lonke lizwakalise enkulu intokozo ngoba sekuzoba khona abanye abefundisi besho nokuthi lokhu kukhomba ukukhula kwebandla eluwuhlobo olufana naleli  uma kwanda abefundisi njengakwamanye amabandla.
Khona manjalo uMnumzane Ndlela ofunda izimemezelo zebandla umemezele  ukuthi sebezoba nenkonzo yetende nabo beyi VMCI, itende lizomiswa endaweni yase Chesterville lizoqala ngo Lwesine kuze kube uMgqibelo kuzomenyezelwa maduze ukuthi lizoqala nini.

Impela lelibandla liwuqale kahle unyaka lokhu kuza emva kokuba ubaba uMfundisi nowakwakhe kanye no baba uMagwaza nowakwakhe besiphe ukudla kwendlebe, basiphe amanoni abamabili kodwa abantu babusiseke kakhulu ukubuka abaholi babo bebaculela.
Sibe sesiya ezwini leNkosi siliphiwa inceku uSbisi okulindeleke igcotshwe ibe ngu mfundisi, evule encwadini ka-Eksodusi 10 vrs. 8-9 lapho kukhulunywa ngo Mose no Aroni kanti-ke ingqikithi yakhe ithi sonke simelwe ukuhamba noNkulunkulu kulonyaka simkhonze kuze kube sekupheleni.

Nginifisela unyaka omuhle ogcwele izibusiso nonke balandeli be Nkanyiso!!!

Previous by Londeka

2013 Dec. 22: ”Indlela enilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane”

 



Viewing all articles
Browse latest Browse all 3

Latest Images

Trending Articles





Latest Images